Udumo
Udumo alube kuYise beneNdodana
noMoya Ocwebileyo.
Njengoba kwakunjalo ekuqaleni, kusenjalo
namanje,
kuyakuba njalo sonke isikhathi naphakade.
Amen.
O Jesu
O Jesu othandekayo,
awusithethelele izono zethu,
usisindise emlilweni wesihogo.
Uholele yonke imiphefumulo
yabantu yonke ezulwini,
ikakhulu eyalabo abadinga
kakhulu umusa nesihawu sakho.
Amen
Baba Wethu
Baba wethu osezulwini
Maliphathwe ngobungcwele igama lakho.
Umbuso wakho mawufike.
Intando yakho mayenziwe emhlabeni
njengasezulwini.
Awusiphe namhla isinkwa
sethu semihla ngemihla.
Usithethelele izono zethu
njengoba nathi sibathethelela abasonayo.
Ungasingenisi ekulingweni
kodwa usisindise kokubi.
Amen
Yethi Maria
Yethi Maria
Ogcwele igrasiya
INkosi inawe
Ubusisiwe wena esifazaneni
Ibusisiwe nenzalo yesisu sakho uJesu.
Maria Ocwebileyo
Nina kaNkulunkulu
mawusikhulekele thina zoni
Manje nasesikhathini sokufa kwethu.
Amen.

Zulu